UMsaphozi emngcwabeni!!!
Msaphozi: Sanibonani nonke etendeni. Ngiyabonga ukuthola leli thuba lokukhuluma ngomzala.
Umzala ushona nje besegulile sonke simubonile. Futhi umzala mina ngangithi uzofa ngo 2010 ngoba nalapho wake wagula wabangwa nezibi kodwa wavuka waphinda waqhubeka lapho ayegcine khona nokuqoma, waqoma okusengathi akakaze agule nhlobo.
OMagwaza nomshumayeli uXulu bangixaka sebejola naye umzala ekubeni yibo abebumuthandazela esebangwa nezibi ngoba ayi nani madoda nikholwa ngokuzibonela ukuthi kunani phansi kwesiketi.
Ngageza izandla uma sengizwa kuthiwa nawe Mfundisi usujola nomzala kodwa ngeke sizixoxe lezo ngoba sisemngcwabeni kanti nomfazi wakho ukhona lapha, kodwa ngadumala ngoba phela wena Mfundisi ubumazi kahle umzala ingane kaAnti ukuthi ayilungile kodwa ke ngeke ngikujaje Mfundisi ngoba nawe uwumuntu njengabo obab’ Mkhize laba laphaya emuva (ekhomba uMkhize) obeze agaklaze umfazi wakhe efuna ukuza kuye umzala lona.
UmkaMkhize njengoba elapha nje ufuna ukuzibonela ukuthi umzala wami ufe ngempela yini.
Kona ke engingakusho ngomzala wami ubewathanda amadoda ikakhulukazi ashadile futhi nawo emthanda kodwa into enhle uze wafa umzala engahlukanisanga muntu nenkosikazi yakhe.
La endaweni ngithi mabili mathathu amadoda emizi yawo angajolanga nomzala. Ngithukile nje uZungu uma esesikhokhisa layikhaya ngokuqasha itende lakhe kodwa ke ngabuye ngabona ukuthi unkosikakazi wakhe ubengazi ukuthi ubejola nomzala ngalokho siyamxolela uZungu siwumndeni ngaleso senzo sakhe.
Mzala wami uhambe kahle uma ufika ezulwini ungasiphoxi uqomane namasulumane, amaJuda, oPilatu noSamusoni beno Nebukhedinesari.
Uziphathe kahle mzala ezulwini uhlale ngentombi yize ingasekho nje kodwa uzame mzala wami… Uhambe kahle mntaka Anti sohleze sibabaza imigilingwane yakho!!
Ngiyabonga ngisaya ngale exhibeni sengikhulume ngaze ngoma.


Related Posts

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *